Umqeqeshi weTunisia uJalel Kadri uthi babheke ukuqoqa amaphuzu amathathu uma sebetholana neBafana Bafana emdlalweni wokugcina wamaqoqo kwi-AFCON namhlanje.
Lo mdlalo, ozobanjelwa eKorhogo, uzocacisa ngamaqembu azodlulela kwi-last 16 kuGroup E.
ITunisia isengcupheni yokuwashiswa ijezi esigabeni samaqoqo kuGroup E njengoba idonsa emsileni nephuzu elilodwa.
ITunisia izobuyela ekhaya uma ihluleka ukunqoba, okuyinto ezobukeka iyihlazo kuleliqembu elibalwa nezimfivilithi zokuqukula i-AFCON.
ICarthage Eagles yavula ngenduku ibhekene neNamibia, yathola iphuzu koweMali ngesonto eledlule.
“Abantu balindele okuningi kwiTunisia. Siseqoqweni elinzima, kufanele sidlale kahle ukuze sizodlulela esigabeni esilandelayo.
“Kufanele siqale umdlalo ngegiya eliphezulu. Sinabadlali abaningi abanesipiliyoni, kodwa kumele sikusebenzele ukunqoba.
INingizimu inabadlali beMamelodi Sundowns abanesipiliyoni seCAF. ITunisia izogadla ngamandla. INingizimu inhle uma ishoshela phambili, sizobe sikulungele lokho,” kuchaza uKadri.