Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos, uthi ezakhe sezikulungele ukuya empini emdlalweni wabo wokugcina wamaqoqo ozobaweza esigabeni esilandelayo uma konke kuhamba kahle.
IBafana kungenzeka idlulele kwi-last 16 ngamaphuzu amathathu esinawo, kodwa ukuze iqede ungabazane kuzoyisiza ukuthi okungenani ibambe iphuzu kwiTunisia edinga iwin.
“Sizolwa kuwo wonke umzuzu womdlalo ukuze sithole umphumela omuhle,” kusho uBroos ekhuluma nabezindaba ngoLwesibili ntambama.
“Yini umphumela omuhle? Okokuqala nje ukuthi singadliwa. Uma singadliwa nakanjani sizodlulela esigabeni esilandelayo. Bekuyisifiso sethu leso.
“Siyakwazi okufanele sikwenze kusasa futhi sizobe sikulungele.”
Ngesikhathi egcina ukubhekana kwi-AFCON lawa maqembu, ngo-2008, iTunisia yaxebula iSouth Africa ngo 3-1 emdlalweni wamaqoqo.