Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, uthi ulindele umdlalo onzima kwiNatal Rich Boyz abazobhekana nayo namhlanje ngo-19:30 eKing Zwelithini Stadium.
IRichards Bay FC ifike kwezwakala kwiDStv Premiership kule sizini njengoba ihleli kunombolo 3 ngemuva kwemidlalo ewu-14. Isashaywe kabili isizini yonke, yanqoba imidlalo ewu-7.
“Uyabona ukuthi ikuphi kwi-log…nibabonile benqoba imidlalo ilandelana. Akulona iqembu elishayeka kalula.
“Kuzoba wumdlalo omnandi ngoba banabadlali abahle. Ngilindele umdlalo onzima,” kusho uMokwena.
Uma inqoba lo mdlalo iSundowns izohamba ngamaphuzu ayishumi kwi-log yeDStv Premiership.