Umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, uvumelane noRulani Mokwena ngokuthi akukapheli ngesicoco seDStv Premiership.

Lokhu kulandela inkulumo yomqeqeshi weSwallows FC, u-Ernst Midderndorp, ohalalisele iSundowns ‘ngokunqoba’ isococo seligi ka-2022/2023. UMazinyo uthe uma ebuka indlela iSundowns edlala ngayo noju lwabadlali ebaqukethe kuzophela isizini ihamba ngamaphuzu awu-20. URulani uthe umhlonipha impela uMazinyo kodwa alikho iqembu elinqoba isicoco ngoJanuary. NoMangethe uvumelane noRulani.

“Kusanemidlalo ewu-16 esasele, ngizohambisana noRulani othe iligi ayikaze inqotshwe ngoJanuary,” kusho uZwane ekhuluma nabezindaba izolo.

UZwane uqhube wagcizelela ukuthi okwamanje basabumba iqembu kodwa kuza kahle.

“Kusahamba kahle. Uma ngikhuluma iqiniso nje ngigculisekile ngengikubonayo, noma luselude uhambo lwethu.

“Uyabona kodwa ukuthi abadlali bajabule, wonke umuntu uzizwa eyingxenye yeqembu. Ngijabule ngokuthi kuningi okuhle esikubonayo noma imphumela ingahambi ngendlela esifisa ngayo.”

IChiefs izobhekana neSekhukhune United ngoMgqibelo, okuwusuku ezobe igubha ngalo iminyaka ewu-53 yasungulwa.