Umengameli weBarcelona uJoan Lapora usephumele obala wathi ngeke bamthenge umdlali wasePortugal, uBernado Silva (28), ngenxa yesamba esifunwa yiManchester City.

IManchester City kuthiwa ifuna u£70.8 million eqenjini elizimisele ngokuthenga lo mdlali osalelwe iminyaka emibili kwinkontileka yakhe.

“UBernado Silva ubiza u-£70.8million…ngingakuqinisekisa ukuthi akezi ngoba ngeke siyikhokhe leyo mali,” kusho uJoan Laporta.

ULaporta bese kunezinyanga aphumela obala ngesifiso sakhe sokuletha lo mdlali eCamp Nou kodwa isimo semali iBarcelona ekuso asiyivumeli ukuthi inyakaze kahle emakethe yokuthenga abadlali. Isayinise inqwaba yabadlali ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2022/2023 kodwa iningi labo lifike mahhala noma ngamanani aphansi.

Ukuphuma kwayo kwiChampions League kuma-group stages nakho akuyisizanga ngalutho njengoba sekuzomele idedele okungenani umdlali oyedwa kwiwindi likaJanuary njengoba isilahlekelwe inzuzo ebilindele ukuyithola ngokudlulela kwi-knockout round.

UBernado Silva uphumele obala ngesifiso sokudlalela elinye iqembu maduze njengoba efisa ukubuyela kwiBenfica uma eseneminyaka ewu-32.