Umqeqeshi wePyramids FC Krunoslav Jurčić usephumele obala waveza ukuthi usazohlala phansi neziphathimandla zaleli qembu baxoxe ngekusasa lakhe ngemuva kokunqoba iCAF Champions League ngempelasonto edlule.
Lo mqeqeshi uveze ukuthi akakasithathi isinqumo ngekusasa lakhe ngoba usafuna ukukhuluma nabaphathi beqembu. IPyramids iqophe umlando kwiCAF Champions League iyinqoba idlala okokuqala kowamanqamu.
Ekhuluma ngemuva kokushaya iMamelodi Sundowns ngesonto, lo mqeqeshi ubeke kanje:
“Kusafanele ngihlale phansi nabaphathi beqembu. Ngokolwami uhlangothi ngiwumuntu ozibona ezuza okukhulu, ngakho ke kusafanele sihlale phansi nabeqembu, ngoba nabo uma behlela ukwenza izinto ezinkulu, singaqhubeka sisebenzisane,” kusho lo mqeqeshi odabuka eCroatia.”
Lo mqeqeshi ukubeke obala ukuthi okumenza abe nongabazane ngekusasa lakhe kwiPyramids wukuthi iyiqembu elingenawo umlando omude. Kuzokhumbuleka ukuthi leli qembu lisungulwe ngo-2008. Umnikazi weqembu ngowase-United Arab Emirates. Ngenxa yokuthi iseyintsha emlandweni webhola lase-Egypt ayithathwa njengeqembu elikhulu njenge-Al Ahly neZamalek, kodwa ukunqoba kwayo iChampions League kuzoyidobela inqwaba yabalandeli eGibhithe.
“IPyramids ayinawo umlando njengamanye amaqembu, ukwakho umlando kuthatha isikhatho. Ngifisa ukubonga kubantu base-Egypt. Sinqobele bonke abantu base-Egypt.”