Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos usesole ezinye izintatheli zaseNingizimu Afrika ngokuchema namaqembu athile ePSL okwenza ziphatheke kabi uma zingababoni abadlali abavela kuwo bengabiziwe eqenjini lesizwe.

UBroos uveze lokhu ekhuluma nabezindaba ekhempini yeBafana Bafana ngoMsombuluko njengoba ilungiselela imidlalo yobungani.

“Nginomuzwa wokuthi kunezintatheli ezisolendelene namanye amaqembu…ziyaweseka lawo maqembu,” kusho uBroos.

“Kunzima kumlandeli ukuthi amukele ukuthi akekho umdlali weqembu lakhe engimbizile esikwatini. Hhayi ngoba kufanele abizwe lowo mdlali, kodwa yingoba wumdlali weqembu abalesekayo. Iyonanto engiyibonayo la.

“Imina okufanele athathe izinqumo ngabadlali…uma ngikwenza lokho ngibheka amaqhinga esiwasebenzisayo. Kuyenzeka umdlali asale ngoba uma ngimqhathanisa nabanye ngibona elala endaweni yesibili noma yesithathu (kule ndawo ayibanga nabanye).

“Abantu banomkhuba wokuvele babheke ukuthi kubizwe umdlali waliphi iqembu. Uma ngishiya owePirates, bazothi: ‘Ah, ushiye umdlali wePirates.

“Uma ngingamthathi oweChiefs, kuba sengathi ngibulale umuntu. Izinqumo engizithathayo azihlangene namaqembu. Angimbizi umdlali ngoba nakhu edlalela iPirates noma iChiefs. Uma ngikhetha umdlali angibuki iqembu alidlalelayo, ngimbiza ngoba ngibona kumfanele ukuba seqenjini lesizwe. Kunani uma ngishiya abadlali bamaqembu amakhulu? Kufanele senze iqembu liqine ngayo yonke indlela.”