Umqeqeshi omusha we-Al Ahly uJose Riveiro, obepheka i-Orlando Pirates, uthi leli qembu lase-Egypt lisezingeni lamaqembu ase-Europe futhi ngeke aswele lutho.

Lawa bekungamazwi okuqala kaRiveiro othulwe kwabezindaba njengomqeqeshi omusha weqembu ngokunjalo nasemakhasini ezokuxhumana e-Al Ahly izolo.

Lo mqeqeshi ushiye iPirates ngemuva kokuhlala iminyaka emithathu anqobe kuyo iMTN8 kathathu neNedbank Cup kabili.

Abaningi bebezitshela ukuthi lo mqeqeshi ubuyela eSpain, kanti uzovumbuka e-Egypt ekude ngamahora amane kuphela neSpain uma uhamba ngendiza.

“Ngiseqenjini lase-Europe. Ngeke ngiswele lutho,” kusho uRiveiro.

“Bekuyiphupho lami le futhi yinto ebengiyifisa, ukuqeqesha iqembu elikhulu njenge-Al Ahly.”

Umsebenzi wokuqala kaRiveiro kuzoba wukuhola i-Al Ahly kwiFIFA Club World Cup okuzolindeka ukuthi abeke iqembu okungenani kwi-knockout round.

Izingxoxo nabadlali abafunayo seziqalile.