Umqeqeshi we-Orlnado Pirates, uJose Riveiro, uthiu ulindele ukuthi ilwe emlenzeni wesibili iStellenbosch FC kulandela ukushaywa ngo 2-1 emlenzeni wokuqala ekhaya, kodwa nabo bazobe befuna ukuyiphinda.
URiveiro ubeke kanje ngemuva komdlalo abawunqobe ekugcineni ngegoli elivalelwe wuDeon Hotto kade zibambene ngo 1-1.
“Sidlalela ukunqoba kuyo yonke imidlalo. Asiyanga kumdlalo wanamhlanje (ngeSonto) sibheke ukudlala kowesibili uma ngenza isibonelo nje.
“Sifuna ukuwina ngaso sonke isilkhatho. Sifuna ukuba yiqembu eliwinayo. Sifuna ukujabula uma sidlala ibhola, indlela esizokuzuza ngayo lokho ukudlala ibhola elihlaselayo nokukora.
“Uma sizoya emlenzeni wesibili sizitshela ukuthi sekuphelile ngoba sidlala ekhaya futhi sikorile ekuhambeni, ungazithola usenkingeni. Kukodwa engizokusho; siyayihlonipha kakhulu iStellenbosch.”