Umqeqeshi weMalawi uMario Marinica uhlaba onompempe ababhacazayo, ubasola ngokudlisela ngamabomu iqembu lakhe kwiCOSAFA Cup eqhubeka eThekwini kulenyanga.

IMalawi isiphumile kwiCOSAFA yize isasalelwe umdlalo owodwa esigabeni samaqoqo.

IMalawi ishaywe iLesotho ngo 2-1, yalandela ngokudlala ngokulingana ne-Eswatini ngoLwesihlanu.

UMarinica akaliboni iphutha kubadlali bakhe, kodwa usola onompempe ngokuthatha izinqumo ezibhedayo.

UMarinica uthi bekungafanele i-Eswatini inikezwe iphenathi, eyenzeke ngesikhathi uLeon Manyisa edlalwa kabi ebhokisini. Umdlalo ubuphethwe unompempe waseZambia uHamalila Moonje.

“Ngikhathazekile ngezinga lonompempe ngoba kwenzeke into efanayo emdlalweni owedlule. Onompempe bayasidlisela ngamabomu, unompempe ubhacazile kakhulu.

Ibingekho leyaphenathi. Umdlali uziwise phansi, ngiyaxolisa kini (abezindaba) ngokungafiki ngesikhathi. Angifuni ukukhuluma kakhulu ngalabo abarobhayo. Ukurobha akukhokheli. Ungathandaza kuMdali ufuna impumelelo kodwa impumelelo ayifiki uma uyisigebengu,” kubeka lomqeqeshi ekhuluma nabezindaba.

UBen Tsimanohitsy Ibrahim waseMadagascar uyena owayephethe umdlalo wokuqala weMalawi idlala neLesotho.

UMarinica uthi ukubhacaza konompempe yisona isizathu esidala ukuthi onompempe base-Afrika bangabizwa uma sekudlalwa iNdebe yoMhlaba.

Uhlabe ikhwelo kubahleli beCOSAFA Cup, ecela ukuthi bathathe izinyathelo ngonompempe kanye noManyisa.

“Yingakho bengekho onompempe base-Afrika kwiNdebe yoMhlaba ngoba ubugebengu abukhokheli.

Isekela likanompempe likhombe ukuthi umdlali uziwisile kodwa unompempe wesine (4th official) ubememeza iphenathi. Isekela likanompempe liphoqwe unompempe ukuthi lishintshe isinqumo.

Akwenziwa kanje ebholeni, uyasilandela isinqumo osenzile.

Ngabe iCOSAFA izozama ukujezisa unompempe? Bazozama yini ukujezisa umdlali oziwisile? Ubugebengu abusiyona ingxenye yomdlalo. Kusiza ngani ukugqugquzela ifair play uma leyonto ingalandelwa enkundleni?” kubuza umqeqeshi.

IMalawi izovala neMauritius emdlalweni wokugcina wamaqoqo ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu ngeSonto.