Umqeqeshi weRichards Bay uPitso Dladla welula isandla, uthembisa ukusiza uNkanyiso Zungu abuyelwe ifomu yakhe yakudala.

UZungu ubolekiswe kwiBay isizini eyodwa esuka kwi-Orlando Pirates. Lomdlali ubethwele kanzima kweziMnyama njengoba isikimu ebesizwa ngendaba.

Uphinde wamiswa ekuzilolongeni neqembu ngemuva kokuboshwa ngoba esolwa ngecala lokushaya isinqandamathe sakhe.

UDladla uthi uzimisele ukusiza uZungu, futhi bazoqinisekisa ukuthi bazombuyisela efomini yakhe adume ngayo esalihlikihla kwiStellenbosch FC kumasizini amabili adlule.

“Kufanele kube khona okubhedayo ngaye uma ejabuliswa ukukhuhla ibhentshi. Ngikhulumile naye, ukhombisa ukuzisola ngoba akakwazanga ukuthola isikimu. Engikuthandayo ngaye ukuthi akafuni ukugxekwa abantu ngezenzo zakhe. Uyalivuma iphutha lakhe.

Kulula ukumsiza ngoba yisigaba sokuqala leso, uma sivuma ukuthi izinto azilungi. Sizozama singabaqeqeshi ukuthi simsize abuyele efomini,” kubeka uDladla.

IBay yethule abadlali abalishumi abasha ngesonto eledlule. UDladla uthi kuyamjabulisa ukusayinisa abadlali abasha, ikakhulukazi ngoba uyena obekhomba bonke labadlali abasayiniswe yiqembu.

“Abadlali esibasayinile besibafake ohlwini kuqala, sabahlola kahle ngaphambi kokuthatha isinqumo. Sisayinise iningi labadlali ebesibafuna, iqembu liqinisekisile ukuthi baqala amalungiselelo esizini entsha benathi.

Sesilinde abadlali abathathu kuphela ukuze isikwati sizophelela,” kusho uDladla.