Ukungalitholi iqembu elisha yize esecele nokwehliselwa umholo ngo-60% kumaqembu abexosisana nawo kushiye uClayton Daniels enesiqinisekiso sokuthi abadlali abachithwa ngenxa yesimo sezimali.
UDaniels (37) uchithwe iMaritzburg United ekupheleni kwesizini ka-2021/22.
UDaniels ungomunye wabadlali ababalelwa ku-100 abaphelelwe umsebenzi ngesikhathi bededelwa amaqembu kulesizini egoqiwe.
Lesitobha sigcine ngokubuyela eKapa, sasayina kwiCape Town Spurs edlala kwiMotsepe Foundation Championship.
“Uyabona kwenzekalani kwiPremiership, amaqembu adedela inqwaba yabadlali abadala. Angazi ukuthi sivela kuphi lesitayela kodwa angiboni kuqondene bezezimali ngoba bengicela ukuncishiselwa umholo emaqenjini ebengixoxa nawo.
Bengicela amaqembu ukuthi anciphise umholo wami ngo-60% kodwa angiyitholanga inkontileka. Amaqembu asebheke abadlali abancane ngenhloso yokunakekela ikusasa, angiboni kuyinto eqondene nezezimali.
Angikaze ngithole iqembu ebelizimisele ngami kwiPremiership kodwa ngixoxile neStellenbosch neCape Town City. Nakhona kwiMaritzburg, bengicele ukuthi banciphise umholo wami ngemali eningi kodwa abafunanga ukulalela,” kubeka uDaniels ekhuluma nabeSowetan.
UDaniels uphume kwinkulisa yeSpurs ngesikhathi isabizwa nge-Ajax Cape Town, wabonakala okokuqala kwiPremiership eneminyaka engu-22 ngonyaka ka-2007.
Lomdlali unesifiso sokubuyisela iCape Town Spurs kwiDSTV Premiership. Ubona lokho kuzonikeza abadlali abaningi baseKapa ithuba lokudlala esigabeni esiphezulu.
“Nginesifiso sokubuyisela iSpurs kwiPremiership. Baningi abadlali abanethalente eKapa, angeke iStellies neCity baqoqe bonke abadlali baseKapa.
Kufanele iSpurs sinyukele kwiPremiership ukuze kuzovuleka amathuba kubadlali abancane baseKapa. Ngifuna ukubuyisela iSpurs esigabeni esiphezulu ngaphambi kokuba ngibeke amakhokho emgibeni,” kubeka uDaniels.