Umqeqeshi weLiverpool u-Arne Slot uthi bekunzima ukudlala neManchester United ebashaye ngo 2-1 ngenxa yebhasi efike yalipaka e-Anfield Stadium.

ILiverpool ibishaywa okwesine kulandelana izolo, kanti ukungahambi kahle kwezinto kwiPremier League sekuyibeke kunombolo 4 kwilog, isele ngamaphuzu amane kwi-Arsenal esesicongweni.

“Kuhlale kunzima ukubhekana neqembu eligqishe abadlali emuva bese libheka ukuhlasela ngamabhola amade,” kusho uSlot ekhuluma neSky Sports ngemuva komdlalo.

“Kubanzima kakhulu futhi uma udedele igoli ngemuva komzuzu owodwa kuqale umdlalo, oyedwa wabadlali bethu ephansi.

“Ukube bengazi ngaphambi komdlalo ukuthi sizothola amathuba amangakanani okukora noma sibhekene nebhasi, bengizothi sizowunqoba umdlalo, kodwa ke sidliwe.”

ILiverpool izothola izinsukwana zokuphumula bese ibhekana ne-Eintracht Franfurt kwi-UEFA Champions League ngoLwesithathu ngo-9 ebusuku.