Umqeqeshi obambile kwiKaizer Chiefs uKhalil Ben Youssef ushayele abadlali bakhe ihlombe ngokubuya ne-draw emdlalweni wabo neDR Congo ngoba abanye babo bebekhishwa yizisu abanye bephalaza ngosuku lomdlalo.
IChiefs ibambane neSimba ngo 0-0 okuyibeka ethubeni elihle lokudlulela esigabeni samaqoqo kwiCAF Confederation Cup njengoba umlenze wesibili uzodlalelwa eFNB Stadium.
“Kufanele ngibabongele abadlali bami, bavuke bekhishwa yizisu futhi bebuyisa ngaphambi komdlalo. Angazi kwenzekeni ekudleni kwabo,” kusho uBen Youssef ngemuva komdlalo.
“Abahlanu bebesesimeni esibucayi, singazi noma bazodlala, kodwa kufanele ngibashayele ihlombe ngoba bakwazi ukudlala noma bengekho esimeni esihle.
“ULilepo naye udlale elimele, samkhipha ngomzuzu ka-65 sibona akasakwazi ukuqhubeka. Sifake u-Ashley ngoba siyazi ungena nesivinini. Uthole ithuba lokukora kodwa kwashoda inhlanhla.”