Umqeqeshi we-Orlando Pirates obeseqala ukuthandwa abalandeli abaningi beZimnyama u-Abdeslam Ouaddou usengcupheni yokuzifakela inhlabathi ephalishini lakhe ngemuva kwesibhaxu sika 3-0 abasithole kwi-St Eloi Lupopo koweCAF Champions League ngeSonto.

Ngemuva kokunqoba iMTN8, u-Ouaddou uzifake ezinhlizweni zabalandeli beBucs ngemuva kokuqala ngebatha kwimidlalo yeligi kusanda kuqala isizini okwenza iningi labo lishaye amakhala ngaye.

Indlela asethandwa ngayo manje u-Ouaddou abanye abalandeli sebemuphe namagama okumteketisa, muva nje ubizwa ngeTerminator ngenxa ye-cast ayifake engalweni ngemuva kokulimala engozini yemoto.

Ukushaywa ngo 3-0 emlenzeni wokuqala emdlalweni wokuhlungela ukudlala esigabeni samaqoqo kwiCAF Champions League kufana nokuthi usekucishe konke okuhle afike akwenza kweZimnyama uma bengawujiki lo mphumela e-Orlando Stadium ngempelasonto ezayo.

Ezinkundleni zokuxhumana abaningi bathi sekuphelile ngeBucs kulo mqhudelwano, ngoba abayiboni iSt Eloi Lupopo ihluleka ukubeka ibhola enethini noma kanye e-Orlando uma ubuka amagoli ewakorile isekhaya.

Kuzokhumbuleka ukuthi iBucs iwashiswe umjezi kuma-semifinal ngesizini edlule kwiCAFCL. Ukuphuma esigabeni sokuhlungela amaqoqo kuzoba yihlazo, ikakhulukazi ngoba iPirates isibalwa namaqembu okunzima ukubhekana nawo e-Africa.

IBucs ngoLwesithathu izobhekana nePolokwane City, okuwumdlalo okungenzeka kuphunyuzwe inqwaba yabadlali kuwo ngenxa yomlenze wesibili neLupopo ezodlalwa e-Orlando ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

Ukuze idlulele phambili iBucs idinga ukushaya amagoli amane. Uma ikora amathathu kuphela umdlalo uzoya kuma-penalty.