Umqeqeshi weBurnley FC uScott Parker uthi ujabule ngokwenziwa wumdlali weBafana Bafana uLyle Foster endaweni ambeke kuyo selokhu ebuye ekulimaleni kule sizini.
UFoster (24) ubekwe ophondweni kule sizini kwiBurnley ezama ukubuyela kwiPremier League ngesizini ezayo.
Ngenxa yokulimala emdlalweni weBafana Bafana phakathi nesizini uFoster ubuye eqenjini uParker esenze izinguquko. Ukufakwa kwakhe ophondweni kubukeka kuyisebenzela iBurnley njengoba eseshaye ama-assist amane kule sizini emdllaweni ewu-20. Lo mdlali ungene enkundleni wabeka enye i-assist izolo beshaya iSheffield Wednesday ngo 4-0. Kunokukhathazeka nokho ngokuthi unegoli elilodwa kule sizini.
“Sekunesikhathi agcina ukukora, kodwa ke udlala ngendlela emangalisayo,” kusho uParker.
“Ubuya ekulimaleni ngakho ke….nimbonile udlale kahle kanjani sibhekene nePreston, ube nomdlalo omuhle. Usinikeza ithuba lokwenza izinto ezihlukile.
“Kulokhu ugeje amathuba ambalwa obekufanele awavalele, uphoxekile, kodwa ke impilo ibuye ibe njalo.”
Umphumela wayizolo uqinise indawo yeBurnley kunombolo 3 kwiChampionship.