Owayengumdlali weBidvest Wits ne-Orlando Pirates uSifiso Myeni ugeqe amagula ngokwamenza washiya iKaizer Chiefs eseziqeqesha nayo ngaphambi kokuthola inkontileka yakhe yokuqala ebholeni elikhokhelayo kuleli.
UMyeni (36) owanqoba isicoco seligi neBidvest Wits ngesizini ka-2016/17 uxoxe kabanzi ngempilo yakhe ebholeni engxoxweni nowayengumdlali weKaizer Chiefs neMamelodi Sundowns uJosta Dladla kwiZinja zeGame.
Noma ezakhele igama kwiPirates nakwiWits, uMyeni uveze ukuthi kwasala kancane ebe wumdlali weChiefs, waveza okwamcika wayilaxaza.
“Ngesikhathi ngiqala ukufika eNaturena ngihlale ngikhumbula ukuthi kwakukhona umdlali owayenomoya ophansi, uMabhuti Khenyeza,” kusho uMyeni.
“Ngathi ngihlezi kuma-parking ngisamangele ngokuthi yimina ngempela ozodlalela iChiefs, kwaqhamuka uMabhuti wathi ‘ayikaqali itraining, woza la’ – wangangazi wangibizela emotweni yakhe.
“Saqala ukuqeqeshwa ngabona abantu engangibajwayele kwithelevishini, oDavid Mathebula, Jimmy Tau…ngangiwumfana omncane kwiChiefs. UMuhsin wayematasa eqesha iqembu, ngesikhathi kuphuzwa amanzi ngangisaba.
“Saqhubeka saya ejimini kodwa iChiefs yayingakasho lutho ngenkontileka. Ngabazisa ukuthi ngizohamba. Saya ejimini ngoLwesibili, Lwesithathu nangoLwesine.
“Ngaleso sikhathi ngangisawumfana omncane indawba yokuqukula izinsimbi ngangingayiqondi kahle. Uma usemncane ufuna ukudlala ibhola. Lento yokuya ejimini nama-treadmill, ngangingayijwayele.
“Ngathinta umqeqeshi (owayemfake kwiChiefs) ngamazisa ukuthi sengikhathele ngoba sichitha isikhathi esiningi ejimini, mina ngifuna ukudlala.”
UMyeni uqhube waveza ukuthi wagcina engasayingeni eyokujima neChiefs kodwa yayiqhubeka imlande esikoleni.
“Kukhona la engayeka khona ukujima neChiefs, ngaya esikoleni, bangilanda khona. Kodwa ngalo lolo suku ngavele ngaziyela kwiWits.”
Uthi wafika kwiWits engamenyiwe wahlangana nomqeqeshi uRoger de Sa wacela ukuziqeqesha neqembu, ngenhlanhla wamvumela.
“Ngalolo suku babedlala amaqembu amancane, u-Eric Tinkler eyiphini lakhe. Ngathinta ibhola kabili kathathu, ngalibhakuzisa enethini.
“Kwakhala uMoeneeb Josephs wathi ‘Hheyi! uwubani wena mfana uzoshaya igoli kanje kimina, uqhamukaphi? U-Eric wabiza uRoger ukuthi azongibuka.
“Ngosuku olulandelayo sadlala nePirates umdlalo wobungani. Ngemuva kwalowo mdlalo amajita ePirates angibuza ukuthi sengisayinile yini kwiWits. Lapho ngangibhekene no-Oupa Manyisa, Benson Mhlongo, Luckt Lekgwathi nabanye.
“Kwenza uLucky noBenson bezongibuza ukuthi sengisayinile yini. Angikuqondanga ngaleso sikhathi ukuthi kungani babengibuza, mhlawumbe bayithanda indlela engangidlala ngayo. Mina ngangizama ukuchaza iWits.
“Sabuyela echanging room, uRoger wathi asihlanganeni ehhovisi lakhe kusasa. Banginikeza inkontileka nendawo yokuhlala, okuhambisana noR4,000 ngenyanga. Ngakhokhelwa uR15 000 ngokusayina.”