Umqeqeshi we-Angola uPedro Goncalves uthi kuningi abakufunde ngokuhlaziya iNigeria abazobhekana nayo kwiquarterfinal ye-AFCON namuhla.

Lamaqembu azotholana kwiquarterfinal yokuqala ezobanjelwa eStade Felix Houphonet-Boigny. I-Angola iphume kuGroup D iqhwakele ngamaphuzu ayisikhombisa, ingakaze iyithole nenduku. 

UGoncalves uthi kufanele bayihloniphe iNigeria enomlando wokuqukula i-AFCON amahlandla amathathu.

“Siyayihlonipha iNigeria ngempumelelo eyizuze ebholeni lase-Afrika. INigeria iyiqembu elikhulu, isikwati sabo sigcwele abadlali abanohlonze abagijima kumaligi ahlonishwayo. Abadlali abayisithupha badlala kwiPremier League,” kubeka uGoncalves ecashunwa abeSABC Sport.

UGoncalvez uthi bayakwazi abakulindele kwiNigeria ngoba bayihlaziyile.

“Siyihlaziyile iNigeria. Ngisifundile isitayela sabo nendlela abahela ngayo abadlali. INigeria yasebenzisa uhlelo lwe-(4-3-3) kusaqala umqhudelwano. Sebeshintshile manje ngoba sebedlala nge-(3-4-3) okuchaza ukuthi banezitobha ezintathu emuva,” kuchaza uGoncalves. 

Lomqeqeshi uthi iNigeria bazoyilimaza ezindaweni ebuthaka kuzo.

“INigeria inezinkinga kwezinye izindawo, sizozama ukungena ngenxeba sikhande amathuba. Sinethuba elikhulu kulomdlalo,” kubeka uGoncalves.

I-Angola isethubeni lokuqopha umlando wokufinyelela okokuqala ngqa kuma-semifinals e-AFCON. IPalacas Negras yayingosokhaya ngesikhathi iqala ukufika esigabeni sama-quarterfinals ngo-2010.