Umqeqeshi weSuperSport United ukwamukele ngenkulu injabulo ukusayiniswa kwesitobha uKeegan Allan odedelwe yiMoroka Swallows. 

U-Allan udedelwe yiSwallows kulandela ukuteleka kwabadlali befuna amaholo okuholele ekutheni abadlali badube ijimu nemidlalo emibili yeDSTV Premiership ngoDisemba nyakenye. 

Ukusayina kuka-Allan kuMatsatsantsa kudalulwe imenenja yakhe uMike Makaab obekhuluma kwiGagasi FM Sport ngoMsombuluko. 

UHunt uthi u-Allan ufike ngesikhathi esihle njengoba iqembu lishoda ngezitobha. 

“Ngiyajabula ngokusayinwa kukaKeegan oyisitobha esihle. Uyalazi iqembu, uzokwengeza kwizitobha zethu njengoba kunabadlali basemuva abalimele abanye bedonsa izigwebo zamakhadi,” kuchaza uHunt ecashunwa i-website yeqembu. 

U-Allan udlale emidlalweni engu-21 ngesizini ka-2022/23, esiza iziNyoni ziqeda kwi-top 8 kwiligi. 

ISupersport iyashoda emuva njengoba uThulani Hlatshwayo ezohlala isikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala  eqakaleni. 

UHunt ugcine esephoqeleka ukusebenzisa abadlali abasebancane ngokweminyaka uBilal Baloyi no-Ime Okon emuva. 

U-Okon udonsa isigwebo sekhadi elibomvu alithola behlulwa yiRichards Bay noDisemba nyakenye. Kungenzeka u-Allan abonakale emdlalweni weSekhukhune United uma kuvulwa isizini ngoFebruary. 

“Ngiyajabula ngethuba lokudlalela iqembu elikhulu njengaleli. Ngikulangazelele ukudlala ngaphansi kwesandla sikamqeqeshi nozakwethu abasha,” kuchaza u-Allan owashiya kwiMamelodi Sundowns ngo-2021 ngoba esabela ukungalitholi ijezi eqenjini elikhulu.