Ukubhaxabulwa kwe-Al Ahly ngo 5-2 ibhekene neMamelodi Sundowns koweCAF Champions League sekukhumbuze ezinye izinkakha zaleli qembu laseGibhithe uPitso Mosimane.

Ukushaywa kwe-Al Ahly kuyibeke engcupheni yokuphuma esigabeni samaqoqo kwiChampions League njengoba sekumele inqobe imidlalo emibili esele iphinde yethembe ukuthi iSundowns izoyiphinda i-Al Hilal.

Ngemuva komdlalo owayeyistobha se-Al Ahly uWael Gomaa ugxeke abadlali beqembu nabaqeqeshi wathi abadlalanga ngezinga elilindelekile kubona.

“Bengiqala ukubuka i-Al Ahly ngifise ukuthi unompempe engaqeda umdlalo ngaphambi kokuthi uphele. Akukho abangavika ngakho ngokuthola lo mphumela. Bonke abadlali nabaqeqeshi kumele bazinuke amakhwapha. Uyedwa umdlali obelwela ibhola, wuPercy Tau,” kusho uGomaa.

“Kunamaphutha amaningi enkundleni, nabaphathi abamesekanga umqeqeshi ngabadlali abasha. Kunabadlali abahlale bedlala okungabafanele ukudlala.”

UGomaa uqhube wathi uyazi abantu bazobuyisa inkulumo ngoMosimane.

“Ngikhuluma ngebhola, kodwa kunezinye izinto ngaye ezedlula amaqhinga ebhola kuphela engingeke ngizibale…”