Sphamandla Gumede

Useshintshe ukucabanga umqeqeshi we-Orlando Pirates uJosef Zinnbauer oveze ukuthi ezakhe zifuna ukunqoba iCAF Confederations Cup ukuze zizojabulisa abalandeli. 
UZinnbauer ubekhuluma kanje ngemuva komdlalo womzuliswano wesine lapho iPirates icoboshise khona izinkunzi zaseLibya i-Al Ahly Benghazi ngo 3-0 e-Orlando Stadium ngeSonto ebusuku. 

Lomphumela ubeke iBucs esicongweni ngamaphuzu angu-8 kuGroup C. IBucs inethuba lokudlulela kuma-quarterfinals iseqhulwini uma nje izobuya nemiphumela egculisayo emidlalweni emibili elandelayo. 

“Kumele sicabange ngemidlalo emibili elandelayo. Sinethuba lokudlulela kuma-quarterfinals, kumele sinqobe lemidlalo. Kuzomele sisebenze kanzima. Angeke sidlale kahle kodwa okubalulekile imiphumela. Kuyenzeka udlale kahle kodwa uhlulwe. Kumele uzame enye indlela, kodwa simele iNingizimu Afrika. 

Sinethuba, lendebe siyifuna eNingizimu Afrika. Siyifunela iqembu kanye nabalandeli. Sinethuba lokudlulela phambili, abalandeli bajabule kakhulu,” kubeka uZinnbauer ekhuluma nabezindaba sekuphele umdlalo. 

IBucs izodlala ne-ES Setif emdlalweni olandelayo wamaqoqo, kulandele i-Enyimba yaseNigeria. Ezimnyama zabuya namaphuzu agcwele kwi-Enyimba, zabe sezidlala ngokulingana zitholana neSetif.

“Emasontweni adlule, ngachaza ukuthi iqoqo lethu alikho nzima kakhulu. Sizoqhubeka phambili, kungenzeka sihlale esicongweni noma endaweni yesibili. Isekhona imidlalo elandelayo, kulemidlalo, kumele uqaphele ngaso sonke isikhathi ukuze uzofinyelela kuma-quarterfinals. 

Sizobheka amaqembu akwamanye amaqoqo. Maningi amaqembu aqede asezingeni azodlulela esigabeni esilandelayo. Iqoqo lethu livulekile kakhulu. Asikaze sihlulwe, ngiyathemba sizodlulela phambili,” kuchaza uZinnbauer.