Sphamandla Gumede
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi ukhale ngokuba buthuntu kwabadlali bakhe behluleka ukusebenzisa amathuba angoqekelele emdlalweni weDSTV Premiership beshaya iChippa United ngo 2-1 eSesa Dukashe Stadium izolo emini.
Amagoli eDowns ashaywe uThemba Zwane noPeter Shalulile ngokuhlukana kweziwombe.
“Senze umdlalo waba nzima kakhulu. Siyeke ukusebenzisa amathuba sibhekene nonozinti. Kumele ngincome unozinti u-Ismail Watenga, udlale kahle. Imidlalo efana nalena ijwayele ukuphela amaqembu ebambene ngoba siyeke amathuba amaningi esiwakhandile.
Ngesikhathi sisekhefini, bengikhathazekile ngoba kudala siphunyuka emidlalweni efana nalena. Esiwombeni sokuqala sikhande amathuba amaningi. Siqale kabi isiwombe sesibili, sayeka ithuba lokushaya igoli. IChippa isijezisile, yashaya igoli,” kuchaza uMngqithi ecashunwa abeSuperSport TV.
Ngalomphumela, iSundowns ivule igebe lamaphuzu ayisithupha kwiligi. IDowns inemidlalo emibili esandleni kwazise iqembu eliyibambe endaweni AmaZulu esedlala imidlalo engu-22.
“Kumele sifunde ukushaya amagoli uma sifuna ukunqoba iligi, siyeke ukunikeza izitha amathuba. Igoli elilodwa alanele, kumele ushaye elesibili nelesithathu ukuze sizokwazi ukuphumuza abadlali.
Bekuphoqa ukuthi sisebenzise abadlali abamqoka umdlalo wonke ngoba besilandela ngemuva, sinomunye umdlalo ngoLwesine. IChippa akulona iqembu elilula, akusho lutho ukuthi bahlulwa iMaritzburg United ngo 5-1, ungababukeli phansi.
Bayeka amathuba amaningi beshaywa iMaritzburg, u-Eva Nga noKwem bawayeka amagoli. Akulula ukuza lapha, wonke amaphuzu abalulekile, sijabule ngokuthola amaphuzu amathathu,” kuchaza uMngqithi.
“Njalo sihlela ukuvimba izitha sibe siphethe ibhola, kumele sihlakaniphe. Ukuze wenze lokho, kumele ushaye igoli lesibili ngoba kuyathusa ukuhamba phambili ngegoli elilodwa, wenza amaphutha, ubuyise izitha emdlalweni.
Uma sewushaye igoli lesibili, kuba lula kakhulu. Sikwenzile emidlalweni edlule,” kuchaza uMngqithi.