Sphamandla Gumede 

Useswele amagama okuchaza injini yesisu uNjabulo Blom umqeqeshi weKaizer Chiefs uGavin Hunt ngesikhathi ezakhe ziqopha umlando eConakry ngoMgqibelo ebusuku. 
UBlom uphinde washaya into ecokeme iChiefs idlalela kuma-quarterfinals eCAF Champions League ngemuva kokudlala ngokulingana ngo 2-2 ibhekene neHoroya AC ngempelasonto. 

UHunt uthe bekufanele indondo yomdlali ovelele inikezwe uBlom futhi unekusasa eliqhakazile uma eqhubekayo nokudlala ngalendlela. 

“Bekufanele uNjabulo Blom aqokwe njengomdlali ovelele. Udlale kahle kakhulu, izinga lakhe liyakhula njalo. Ungomunye wabadlali abazobaluleka eminyakeni ezayo, unomoya, uyalwa enkundleni. Akukholakali,” kuchaza uHunt ekhuluma nezintatheli. 

UHunt ube esencoma umgadli uKhama Billiat oshaye igoli eliweze iChiefs kwelibanzi. 

“UBilliat ungumgadli, angiboni engumdlali wasophondweni. Ngijwayele ukumbona edlala ophondweni kodwa muhle engumgadli. Angikaze ngithole ithuba lokumdlalisa njengomgadli kwazise sinenkinga yabadlali basophondweni. Ngimfake phambili, ubevula isikhala kahle,” kuchaza uHunt.