Sphamandla Gumede
Unozinti weCape Town City uPeter Leewuenburgh uyashiya eKapa ubuyela ekhaya eNetherlands njengoba esethole iGronigen FC. Iphephandaba laseNetherlands iDentestor libike ukuthi lonozinti usecabange waqeda, ufuna ukubuyela kwelakubo ngesizini elandelayo.
Kuvela ukuthi uLeewuenburgh ufuna ukusondelana nomndeni wakhe kanye nokukhuphula izinga lakhe ebholeni.
“Ngikhulumile neCape Town City, nomqeqeshi uJan Olde Riekerink, ngabatshela ngezifiso zami. Ngineminyaka engu-27, ngifuna ukuba unozinti osezingeni, lokho kuzokwenzeka uma ngithatha lelithuba.
Isikhathi sesifikile. Ngiwunozinti ongcono futhi oseqinile kakhulu. Ngibona ngikulungele ukudlala kwiPremier League,” kuchaza uLeewuenburgh.
Leliphephandaba liphinde laveza ukuthi lonozinti useqalile ukuhlolwa ngokwezempilo kwiGronigen, sekusele kancane baqede konke.
IGronigen idlalela inkakha yaseNetherlands u-Arjen Robben owaduma kwiBayern Munchen neChelsea ngaphambilini. Leliqembu lishela uLeewuenburgh nje isethenjwa sikanozinti uSergio Padt uyodlalela iLudogorets Razgad yaseBulgaria.
ULeewuenburgh usehlale amasizini amathathu kwiCityzens, wanqoba iMTN 8 kusaqeqesha uBenni McCarthy.