Sphamandla Gumede
‘UPhathutshedzo Nange usengumdlali weKaizer Chiefs ngokuphelele’, lawa ngamazwi omqeqeshi weqembu uGavin Hunt oqinisekise lezi zindaba ekhuluma ohlelweni lukaRobert Marawa kuRadio 2000.
UNange uke wazilolonga eNaturena kuqala lesizini kodwa wagcina inkontileka yesizini eyodwa kwiStellenbosch.
UHunt ukuqinisekisile ukuthi uNange wasayiniswa Amakhosi ekuqaleni kwesizini kodwa wavunyelwa ukuthi ajoyine iStellenbosch njengoba iqembu belinenkinga yesigwebo sokusayinisa abadlali.
“UNange wasayina ekuqaleni kwesizini kodwa kwavimba isigwebo sokusayinisa abadlali. Sabona kungcono ukuthi ayodlala kwiStellenbosch, kunokuthi ahlale engadlali. Udlale kahle kwiStellies. Yebo, wasayina ekuqaleni kwesizini, samdedela ukuze ezothola ijezi kwenye indawo,” kuchaza uHunt.
UNange usebenzisane noHunt kwiBidvest Wits kumasizini adlule. Lomdlali ube esemangaza abalandeli bebhola abaningi enqaba ukujabula ngesikhathi eshaya igoli lesibili leStellenbosch ibhekene neChiefs.
Ebuzwa sekuphele umdlalo, UNange wangena ezintangeni waveza ukuthi ubekhombisa ukuhlonipha umqeqeshi wakhe wakudala.
UNange useshaye amagoli amane, wakhanda amathathu emidlalweni engu-17 kulesizini.