Sphamandla Gumede
Isikhulu seChippa United esidume ngokuxosha abaqeqeshi uma kugqoza imiphumela uSiviwe ‘Chippa’ Mpengesi uthi sebaxoxa baxolelana nomqeqeshi weqembu uDan Malesela. UMpengesi uthi kwaba yiphutha ukuxosha uMalesela ezikhathini ezedlule.
Kubaqeqeshi abaningi abaqashwe yiChippa eminyakeni eyedlule, uMalesela uzihambela yedwa njengoba exoshwa aphindwe abuyiswe uma kunesikhala eqenjini. UMpengesi uthi banobudlelwano obuhle benoMalesela kodwa baxabana kudala bebanga indaba yokuphathwa kweqembu.
Ekhuluma nomsakazo iSAFM, uMpengesi uthi yena noMalesela sebakudlulisa okwenzeka ngaphambilini, bafuna ukwenza lokho okulungele iChilli Boys. “Sifunde isifundo, sabona ukuthi ubudlelwano bethu bugcojoziwe ezulwini. Ngake ngacabanga ukuthi kukhona umqeqeshi ongenza kangcono kunaye kodwa impumelelo yakhe kuleliqembu angeke ifaniswe neyabanye abaqeqeshi. Ungumqeqeshi ohlula amaqembu amakhulu ukudlula abanye,” kuchaza uMpengesi.
UMalesela ugxekwe kakhulu ngesinqumo sokubuyela kwiChippa kwazise sekunezikhathi ezimbili exoshwa uMpengesi osolwa ngokugxambukela ezindabeni ezingamfuni. UMalesela ubekade exoshwe yiTS Galaxy ngoDisemba. “Besizitshela ukuthi singadlala engekho, naye wayecabanga ukuthi engaqeqesha kwenye indawo kodwa saxoxa, sabona kungcono abuye. Wangitshela ukuthi isikhathi asichitha kwiChippa angeke asifanise nalesi asihlale kwamanye amaqembu. Akekho umqeqeshi onempumelelo efana neyakhe kwiChippa, abalandeli bayamthanda. “Yisikhathi sokuthi ngikhule manje. Uma kukhona izinkinga, sihlala phansi, sicebisane. IChilli Boys idlale ngokulingana (2 – 2) neSwallows kwiDSTV Premiership ngoMgqibelo eNelson Mandela Bay Stadium. IChippa inethuba lokudlulela kowamanqamu eNedbank Cup njengoba isalinde umpetha emdlalweni ozobe uphakathi kweMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates.