Sphamandla Gumede 

Akalilahlile ithemba ngokuguqula imiphumela umqeqeshi weCape Town City uJan Olde Riekerink yize imiphumela igqoza kuleliqembu.
ICityzens iyibambe ishisa ibhekene neGolden Arrows engagayelwa mphako eSugar Ray Xulu Stadium. Umdlalo uphele ngo 1-1. 

ICity yagcina ukunqoba kwiDSTV Premiership ibhekene nayo i-Arrows ngomhlaka 24 January eCape Town Stadium. 
“Besazi ukuthi umdlalo uzoba nzima. I-Arrows isendaweni yesibili kwiligi. Akusihambeli kahle kwiligi kodwa bekufanele siwunqobe umdlalo uma uwubhekisisa kahle. Ngijabule ngendlela esidlale ngayo kulesimo ebesibhekene naso, besinabadlali abafanele. Yiphuzu elihle esilithole eqenjini elihleli endaweni yesibili,” kuchaza uRiekerink obecashunwa abeSuperSport TV sekuphele umdlalo. 

ICity izodlalela ekhaya imidlalo emine kwemihlanu elandelayo, okuyinto emjabulisayo lomqeqeshi. 

“Emidlalweni emihlanu elandelayo, emine sizoyidlalela ekhaya. Ngiyathemba sizokwazi ukubuyela efomini. 
Sishaye igoli elihle esiwombeni sokuqala. Igoli esilidedelile bekuyi-offside. Sidlale kahle esiwombeni sesibili. Sikhande amathuba amaningi okuwina umdlalo. Nayo i-Arrows iwatholile amathuba ekugcineni,” kuphetha lomqeqeshi.