Umdlali omusha weManchester United uMason Mount uzwakalise ukugculiseka ngendlela adlale ngayo amdlalweni wakhe wokuqala kwiRed Devils.

UMount udlale u-45 minutes kumdlalo wobungani obuphakathi kwe-United neLeeds United izolo abawunqobe ngo 2-0.

“Ngiyayithanda indawo ebengiyidlala namhlanje. Bengikwazi ukungena phakathi nenkundla ngiqale izinto emuva bese ngiqhubeka nomnyakazo siye phambili, bengikwazi nokungena ebhokisini.

“Ngiyathanda futhi ukuba wumdlali ohola ingcindezi esiyifakela iqembu esibhekene nalo, okuhlanganisa nebhola elihlaselayo,” kusho lo mdlali.

Nomqeqeshi wakhe u-Erik ten Hag ngemuva komdlalo uveze ukuthi ugculisekile ngendlela adlale ngayo futhi ubekulindele ukuthi adlale ngokukhululeka.

“Ngicabanga ukuthi nibonile namhlanje ukuthi uzofika nani. Uwumdlali ophelele wasesiswini ozongena khaxa kwindlela esifuna ukudlala ngayo.”