Owayengumdlali weTottenham ne-England, uDele Alli (27) usephumele obala ngokuba wumlutha wamaphilisi okulala ngenxa yokubhekana nezinkinga enkundleni nasekhaya.

Lo mdlali uthi wasikazi ukuyeka ibhola eneminyaka ewu-24 ngesikhathi izinto sezingamhambeli kahle, kodwa waqoka ukuqhubeka ngoba usakuthanda ukudlala ibhola.

Ngesizini edlule u-Alli ubebolekisiwe edlalela iBesiktas, kodwa wafika wangenza lutho olutheni futhi isikhathi esiningi ubekhuhla ibhentshi. Uthi ngesikhathi ebuya eTurkey ukhethe ukuzoiofaka kwi-rehab ukuze abhekane nenkinga yokuba wumlutha wamaphilisi okulala ngokunjalo nokhwantalala azizwa lumphethe ngenxa yezinkinga akhula nazo ekhaya.

“Nginqume ukuvuka ngizithathe ngibhekane nale nkinga ngoba yinto okumele ivele kuwe, uzenzele yona. Akwenzeki uma usatshelwa umuntu.

“Impilo yami inzima kodwa bengikwazi ukuvuka nginqobe impi engibhekene nayo, ngizame ukujabula, kodwa ngaphakathi kunento engidlayo.”