Obengumdlali weMamelodi Sundowns obekhonjwa kwi-Orlando Pirates nakwiKaizer Chiefs, u-Andile Jali, usephumele obala ngokumenze waqoka iMoroka Swallows phezu kwamanye amaqembu amakhulu kwiPSL.
UJali bekulindeleke ukuthi avumvuke okungenani eWestern Cape njengoba bekuvela negama leCape Town City FC neStellenbosch kumaqembu abemfuna. Engxoxweni ne-iDiski Times, uJali uqale wachaza ngokumenze washiya kwiSundowns, nokuyikho okumenze wanqaba ukuya kwelinye iqembu elikhulu.
“Uyazi uma usuhlale isikhathi eside ebholeni, kuba nabantu abakuholayo bakucebise ngolwazi.
“Kubantu ebengikhuluma nabo kunabathe angihlale, kukhona abathe angishiye [kwiSundowns]. Nganquma ukuthi ngeke ngihlale la engingajabule khona ngoba awukwazi ukudlala ibhola uma ungajabule emoyeni. Akusho lutho ukuthi ukuphi, kumele ubeke injabulo yakho kuqala. Ngikhethe injabulo kunokudlalela iqembu elikhulu,” usho kanje.
Lo mdlali uthi unqume ukujoyina iSwallows ngoba ubengafuni ukuzibona esesimeni esizomthikameza emoyeni okungagcina sekuthinta ngisho umndeni wakhe.