Sphamandla Gumede
Umgadli weBafana Bafana uLebo Mothiba uthi ubengakaze aqale izingxoxo ngisho neqembu elilodwa laseNingizimu Afrika ngoba unesifiso sokuqhubeka e-Europe.
UMothiba akanaqembu njengoba iStrasbourg abeyidlalela eFrance inqume ukumdedela ekupheleni kwesizini ka-2023/24.
Lomgadli usaxinwe yidolo elamphuthisela ngendawo esikwatini seBafana esabuya nendondo yethusi kwi-Africa Cup of Nations (AFCON) ngoFebruary.
Uvakashele ikhempu yeBafana ngoLwesibili njengoba bekuqhubeka amalungiselelo emidlalo emibili yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.
Yize kunamahebezi amkhomba kwiMamelodi Sundowns, lomgadli uthi uhlele ukululama ngokugcwele ngaphambi kokubheka iqembu e-Europe.
“Ngizobe sengiluleme ngokugcwele emasontweni amane. Okwamanje ngizoqhubeka nokululama, angifuni ukuxhamazela.
“Ukuxhamazela kungadala ukuthi ngilimale, ngihlale esinye isikhathi ngingadlali. Ngizozinika isikhathi sokululama, ngithemba ukuthi ngizobe sengiwumqemane emasontweni amane ukuze ngizobuyela e-Europe.
“Angikaze ngixhumane ngisho neqembu elilodwa eNingizimu Afrika. Anginalo ulwazi ngokuqhubekayo, ngifuna ukululama idolo ukuze ngizobuyela e-Europe,” kuchaza uMothiba ocashunwe iSAFA Media eDobsonville Stadium.
End of the preseason ✅
— Lebo Mothiba (@LeboMothiba96) August 6, 2023
J-7 @Ligue1UberEats pic.twitter.com/gP5spYvKPT
UMothiba uthembise ukuyilwela indawo yakhe eqenjini lesizwe uma eseluleme ngokugcwele.
“Ngaphoxeka ngokusala esikwatini se-AFCON. Ngicabanga ukuthi sasizoyinqoba i-AFCON ngoba iqembu laliqinile. Angeke ngikhale kakhulu, kufanele ngiqhubeke nokuzikhandla, ngihlale ethembeni, ngikholwe ukuthi ngizobuya eqenjini.
“Ngiyawazi amagalelo enginawo, ngizobuya eqenjini lesizwe,” kubeka uMothiba.