Iligi yase-Italy i-Serie A, ngenye yamaligi okuzomele abathandi bebhola bewabheke ngelokhozi njengoba amaqembu amakhulu akhona esebophele abaqeqeshi abadlalisa ingcwenga yebhola.
Eminyakeni embalwa eyedlule, amaqembu e-Serie A alenyusile kakhulu izinga leligi emva kwesikhathi eside kubusa iJuventus, behluleka nokwenza into ebonakalayo emncintiswaneni yase-Europe. Izinto ziqale ukushintsha ngo-2021 ngesikhathi u-Antonio Conte ethatha isicoco seligi ne-Inter Milan, emva kweminyaka ewu-9 iJuventus ingabangiswa. Namanye amaqembu o-AC Milan kanye ne-Napoli banyusa izinga, bathola lesi sicoco eminyakeni eyalandela.
Kulesi sikhathi, kube nabaqeqeshi abasha abaveze amakhono abo abanjengo Thiago Motta, Simone Inzaghi kanye no-Daniele De Rossi. Kulindeleke ukuthi benze lukhulu ngesizini ezayo njengoba u-Thiago Motta esecija iJuventus, u-Inzaghi esahleli kwi-Inter, kanti nabaqeqeshi abamnkantshubomvu bakhona e-Italy bazobe besakhona njengoba u-Antonio Conte esekwi-Napoli, no-Stefano Pioli esakwi-Milan.
Izinga le-Serie A kulindeleke ukuthi liqhubeke linyuke uma laba baqeqeshi sebetholene phezulu, kanti kulindeleke nokuthi amaqembu afana no-Juventus no-Milan aqinise izikwati ukuze bezoqala ukuzizwakalisa nase-Europe.
🤷♂️
— alexandros (@alexkampou23) June 5, 2024
I-Inter Milan yona izojabulela ukuthi umqeqeshi wayo u-Inzaghi usahleli, kanti nomgadli wayo u-Lautaro Martinez, obeyinyama emaqenjini amakhulu, ukubeke kwacaca ukuthi akayi ndawo ngokusayina inkontileka entsha ezophela ngo-2029.
Elinye iqembu okumele libhekwe i-Bologna, emangaze abaningi kulesizini edlule ingena kwi-Top 4 ngaphansi kwesandla sika-Thiago Motta. Nayo abadlali abaningi kubukeka ngathi bazohlala ngesizini ka-2024/25, kanti bona sebezoqeqeshwa u-Italians, oholele i-Fiorentina kowamanqamu kwi-Europa Conference League ngesizini ephelile.