Usomabhizinisi waseThekwini ozama ukuthenga iRoyal AM uChockalingam “Roy” Moodley uthi kungamampunge ukuthi bahlulekile ukukhokha imali obekuvunyelwene ngayo.
UMoodley ukhulume neDaily Sun ngemuva kwesitatimende somlawuli weSARS esiveze ukuthi iqembu selibuyele endalini ngemuva kokuhluleka kwenkampani kaMoodley, iGlobal Investments, ukukhokha ngesikhathi ebesibekiwe ebesinomqamulajuqu.
Lokhu sekushiye ababukela iPSL bedidekile ngekusasa leRoyal AM nokuthi kuzokwenzekani ngemidlalo yayo.
“Singakuqinisekisa ukuthi okunye osekushiwo akulona iqiniso, singakuqinisekisa nokuthi izingxoxo zisaqhubeka ngokuthenga iqembu.
“Sizokuveza nokuthi istatimende esikhishwe wumlawuli asilona iqiniso eliphelele, sizocacisa konke ngesikhathi.”
NgoLwesibili kusabalale izithombe zabadlali beThwihli Thwahla beziqeqesha belungiselela ukubuya kwemidlalo. Njengoba umlawuli egcine eveze ukuthi iGlobal Investments ihlulekile wukukhokha, kusho ukuthi imidlalo yaleli qembu isazoqhubeka nokumiswa kuze kuqedelwe ukudayiswa kweqembu.