Umdlali weKaizer Chiefs uPule Mmodi uthi bayazethemba ukuthi bangabuya namaphuzu aphelele emdlalweni wabo neLamontville Golden Arrows namhlanje uma bezolandela amaqhinga abawahlelile.

IChiefs naBafana Bes’thende bazotholana phezulu eMoses Mabhida Stadium namhlanje ngo 15:30 ntambama. Ngesikhathi ecgina ukubhekana lawa maqembu i-Arrows yanqoba umdlalo ngo 1-0.

UMmodi, owayengumdlali we-Arrows ngaphambi kokujoyina Amakhosi uthi bazoziphindiselela namhlanje.,

“IGolden Arrows yiqembu elihle, futhi njengoba sebenomqeqeshi omusha, kungenzeka bashintshe amaqhinga kulokhu,” kusho uMmodi.

“Noma kunjalo sizogxila kumaqhinga ethu, futhi siyakholwa wukuthi sizowuthola umphumela esiwufunayo,

“Siyazi iligi isibheke emaphethelweni, kumele siqale siqoqe amaphuzu imidlalo ilandelana. Sikholwa wukuthi sizoyiqeda kahle isizini.

“Sikunombolo 8 etafuleni, kodwa lisekhona ithuba lokuthi siqede kwitop 4. Ukubhekana namaqembu angaphezulu kwethu kuzosinikeza ithuba elihle lokuvala isikhala.”

Ngemuva kimdlalo wanamhlanje iChiefs izobhekana neTS Galaxy ngo-5 April koweligi.