Umqeqeshi weLamontville Golden Arrows uManqoba Mngqithi useveze ukuthi basayinise abadlali abathathu abebedlalela iRoyal AM, abanye babo abaqale ukubonakala emdlalweni wayizolo neKaizer Chiefs.

I-Arrows isayinise u-Ayabulela Maxwele, Shadrack Kobedi, noSabelo Sithole ababesemabhukwini eThwihli Thwahla esendalini.

Ukusayiniswa kwalaba badlali iwindi lokuhwebelana ngabadlali selivaliwe kubeka ngokusobala ukuthi banqamula izinkontileka zabo kwiRoyal AM, okubanikeza imvume yokuthi bajoyine amanye amaqembu.

“Abadlali abahle abazoqinisa isikwati,” kusho uMngqithi ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo wabo neChiefs abawunqobe ngo 2-1 eMoses Mabhida Stadium.

“NoSithole ubengadlala namhlanje [ngoMgqibelo], kodwa sibone ukuthi simphushe kakhulu emasontweni amabili edlule ukuze sikhuphule izinga labo sibalungiselela umdlalo onzima ngoba yinto abangayijwayele.”

Ukuhamba kwabadlali beRoyal AM kuzokwehlisa inani (value) leqembu njengoba njengamanje limi ngabadlali elibaqukethe. Uma iningi labo linqamula izinkontileka, kuzogcina kusele abadlali abangatheni, kudingeke ukuthi umnikazi omusha abumbe iqembu kabusha.

Khonamanjalo, kubikwa ukuthi unezesheli uMfundo Thikazi ongomunye wabadlali abashisayo beRoyal AM. IRichards Bay ihamba phambili kodwa neChiefs iyabalwa kwabamfunayo.