Umdlali oyibamba emuva kwi-Orlando Pirates uThabiso Monyane usethembise ukuhlala kuleli qembu kuze kufezeke iphupho lakhe lokunqoba iCAF Champions League.

Ezimnyama zaqopha umlando ziba yiqembu lokuqala lakuleli ukuquka iChampions League ngo-1995, ziguqisa i-ASEC Mimosas yase-Ivory Coast.

IPirates sekuneminyaka izama ukunqoba lomqhudelwano okwesibili. Ngo-2013 yajika kowamanqamu idliwa yi-Al Ahly.

UMonyane (24) uthi ukubuyela kulo mqhudelwano ngesizini ezayo kuzoba siza ngoba banesifiso sokuwunqoba.

“IPirates iyiqembu elikhulu. Njengoba sazitshela kusaqala isizini, iPirates ifanelwe ukudlala kwiChampions League kuwo wonke amasizini,” kusho uMonyane.

“Kuwumsebenzi wethu njengabadlali ukuqinisekisa ukuthi lokho kuyenzeka ukuze iPirates izokwazi ukulwela inkanyezi yesibili. Iyonanto engizibekele yona njengomdlali leyo. Angiziboni ngihamba iPirates ingakayitholi inkanyezi yesibili.