Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uveze ukuthi ucelelwe wuRonwen Williams ukuthi angene emdlalweni wayizolo umdlali we-Orlando Pirates uRelebohile Mofokeng, okuyinto ayishayele ihlombe.
UMofokeng ungene sekusele umzuzu owodwa emdlalweni weBafana neZimbabwe abawunqobe ngo 3-1 kodwa abalandeli abaningi abahambele lo mdlalo bakujabulele ukumbona. Ukungena kwakhe kuzomnikeza ukuzethemba njengoba esethole icap yakhe yokuqala eqenjini lesizwe.
“Besicabanga ukuthi uma iZimbabwe izosifaka ngaphansi kwengcindezi usuyophela umdlalo kuzomele senze ezinye izinguquko,” kuchaza uBroos ngemuva komdlalo.
“Kodwa sibonile ukuthi usuphelile umdlalo sesiku 3-1, uRele bekumfanele ukungena imizuzu emibili/emithathu, usethole icap yakhe yokuqala okumjabulisile kakhulu.
For coming to show the love ❤️, for the cheers, the support, for showing up! We dedicate this win to all of you whether you braved the cold at Free State stadium, or cheered from your couch at home! We felt the love Mzansi! 🇿🇦 #BafanaPride pic.twitter.com/Vjlhdln2Bw
— Bafana Bafana (@BafanaBafana) June 11, 2024
“Ngingakuqinisekisa ukuthi ukapteni uze kimina wangibuza ukuthi kunganjani kungene uRelebo ngemzuzu yokugcina? Ngathi umqondo omuhle, wangena,” usho kanje.
UBroos uncome abadlali beBafana ngokuba abangani, okuyinto athi iqinisa ukuzwana kweqembu futhi ilenza lidlale kangcono enkundleni.
Noma benqobile, usheshe wakhumbuza abadlali ukuthi luselude uhambo ababhekene nalo. IBafana ikhuphukele kunombolo 2 kuGroup C.
