Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos usegcine ebeke umbono wakhe ngokubiza umdlali ovutha bhe kwiMamelodi Sundowns uLucas Ribeiro.

Lo mdlali akanakiwe eBrazil noma esephumele obala ngesifiso sokumela izwe lakhe nokuthi engakuthanda nokumela iNingizimu Afrika uma enikezwa ithuba. Lokho kungase kuguquke uma lo mdlali ezobuyela e-Europe ngesizini ezayo ngoba okwamanje okwenza abanye bafise ukumbona kwiBafana wukuthi ugijima kwiligi yakuleli futhi uyazwana nabadlali beSundowns abagcwele esikwatini.

Ebuzwa ngalo mdlali uBroos ubeke kanje.

“Akuwona umbuzo wokuthi ngiyamthanda noma cha…uwumdlali omuhle kakhulu, angihabazisi ngalokho, kodwa ngokwami angifuni kuphuthunyiswe ubuzwe babadlali bangaphandle ukuze badlalele iNingizimu Afrika. Akuyona indlela enhle leyo.

“Kumele sibahloniphe abadlali baseNingizimu Afrika. Kodwa uma kunomdlali okhethekile, mhlawumbe ngingathi uwumdlali okhethekile naye, uma kwenzeka, singanqabelani?”

Lo mdlali ubukeka ezothatha igolden boot kule sizini njengoba enamagoli awu-13, omlandela eduze wu-Iqraam Rayners, onamagoli awu-9.

IBafana izobhekana neLesotho kowokuhlungela i2026 FIFA World Cup ngo-21 March, bese ibhekana neBenin ngo-25 March ekuhambeni.