Kulindeleke ukuthi aqhubeke anqobe izicoco kwiMamelodi Sundowns uRulani Mokwena osesayine inkontileka yeminyaka emine kuleli qembu.

UMokwena ngesizini edlule unqobe isicoco seligi neSundowns kwisizini yakhe yokuqala epheka leli qembu, noma wathatha izintambo ngokuphelele phakathi nesizini.

Abaningi bakuthathe njengechashaza kwisizini yakhe yokuqala ukuthi empeleni uqhubeke nomsebenzi abaqale ukuwenza noManqoba Mngqithi. Ngesizini ezayo amehlo azobe ethe njo kuMokwena, obenconywa ngamaqhinga akhe nase-Africa njengoba ebeke iSundowns kuma-semifinal eCAF Champions League.

Ekhuluma ngokunikezwa kwakhe le nkontileka uMokwena uthe: “Ngibuka abadlali bami nsuku zonke, ngibone ukuthi kuningi okusafanele sikuzuze. Ngenxa yalokho ngibone kunesidingo sokuthi ngizibophezele kuleli qembu, ngizame ukulisiza linqobe ezinye izinkomishi.”

Usihlalo weSundowns uTlhopane Motsepe.uthe ulindele ukuthi ajabulise iYellow Nation uMokwena ngebhola elihle nangokunqoba izicoco.