Umengameli we-UEFA u-Aleksander Ceferin usexwayise iSaudi Arabia ngokuthenga ‘amakhehla’ adlala kumaqembu amakhulu e-Europe.
UCeferin uthi neChina yenza iphutha elifanayo emnyakeni edlule ikhipha izindodla zemali ilanda amakhehla e-Europe kodwa akuyisizanga ngalutho njengoba iligi yakhona ingakaze isimame, kunalokho iwile, futhi kunamaqembu asadayiswa ayethenga abadlali ubuthaphuthaphu. IChina njengamanje ikunombolo 81 emhlabeni ngokwamFIFA Rankings, okusho ukuthi ayizuzanga ngemali eyitshale izama ukuthuthukisa ibhola eminyakeni ewu-10 edlule.
“Ngitshele ngomdlali oyedwa osaneminyaka ekahle okhethe ukuyokhulisa ibhola lakhe eSaudi Arabia? Ibhola alithinti imali kuphela, abadlali bafuna ukuwina imqhudelwano. Imqhudelwano ehamba phambili ise-Europe,” kusho uCeferin.
“Ngicabanga ukuthi yenza iphutha iSaudi Arabia ngoba kumele ngabe itshala imali kuma-academy, kumele balethe abaqeqeshi abasezingeni eliphezulu bakhulise abadlali baseSaudi Arabia. Uhlelo lokuthenga abadlali asebezakhele igama kodwa asebezoyeka ukudlala ibhola ayilikhulisi ibhola lezwe. NeChina yenza iphutha elifanayo.”
Ompetha baseSaudi Arabia izolo bamemezele uN’Golo Kante (32) njengomdlali wabo omusha. UKante, onqobe iPremier League neChampions League kwiChelsea, ulandela obengumgadli weReal Madrid, uKarim Benzema, oshiye ubukhazikhazi beMadrid waqoka ukuyoyikha ngamafosholo eSaudi.
Kanté is wearing the yellow jersey!
— Ittihad Club (@ittihad_en) June 20, 2023
📦 to 📦
#WelcomeBox2Box pic.twitter.com/swt8eVdM81