Unerekhodi elikhomba ukuthi akavamile ukuqeda isizini esaqashiwe umqeqeshi omusha waMaZulu FC, uPablo Franco Martin.
AmaZulu izolo amemezele lo mqeqeshi waseSpain one-UEFA Pro License njengomqeqeshi omusha weqembu. Unikezwe inkontileka yeminyaka emithathu.
IGibela Sport iqalaze irekhodi lakhe njengoba kuvele ukuthi useke wasebenza njengephini lomqeqeshi kwiReal Madrid futhi useke wapheka neGetafe yaseSpain, ngokunjalo neSimba SC eTanzania.
Ubeqeqesha kwiGetafe ngesizini ka-2014/2014, kwimidlalo ewu-14 wanqoba emithathu kuphela. Wahlala izinyanga ezine kuphela kuleli qembu, waxoshwa.
KwiReal Madrid wayeyiphini likaJulen Lopetegui, owaxoshwa kwiLos Blancos ngemuva kwemidlalo ewu-14. Banqoba imidlalo eyisithupha badliwe kweyisithupha, badlala ngokulingana kwemibili. Ukudliwa u-50% wemidlalo akuyona into elindelekile kwiMadrid.
Lo mqeqeshi usuke kwiMadrid wayozama inhlanhla eKuwait kwiQadsai SC kodwa nakhona ngokweTransfermarkt udlalise umdlalo owodwa kwesokuqeqesha. Asikatholi ukuthi yini eyadala lokhu.
Usuke lapho wajoyina iSimba SC ngesizini ka-2021/2022. Udlalise imidlalo ewu-8 kwiSimba, wanqoba emine, wadliwa kwemithathu, kowodwa wabuya ne-draw. Abaphathi beSimba baqoka ukumxosha ngemuva kwezinyanga eziyisikhombisa eqashiwe. Esikuhabulayo eTanzania nokho wukuthi bahlukana phakathi abalandeli beSimba ngokuxoshwa kwakhe, abanye besola iqembu ngokungamniki isikhathi esanele sokuzinza kwiligi.
Kwisikhathi sakhe kwiSimba unqobe iMapinduzi Cup wayibeka nakuma-quarterfinal eCAF Confederations Cup (yakhishwa i-Orlando Pirates)
Ngesizini edlule i-Orlando Pirates ilande umqeqeshi waseSpain, uJose Riveiro, kwayisebenzela. Kungenzeka kuwaphumelelise naMaZulu ukuqasha uCijimpi, kodwa irekhodi lakhe akoyona into esingathi iyababazeka.