Inkakha yomsakazi wezemidlalo kuleli, uRobert Marawa, isisole umqeqeshi weManchester United ngokuzama ukwenza isibonelo esibi ngokubeka uCristiano Ronaldo ebhentshini.

URonaldo izolo ushaqe abaningi e-Old Trafford ebuyela kuma-change room umdlalo neTottenham Hotspur ungakapheli. Lokhu kwehlukanise phakathi abalandeli beRed Devils, abanye bekhomba umunwe kuTen Hag ngokuhluleka ukuhlonipha inkakha, abanye besola uRonaldo ngokungabahloniphi ozakwabo.

Lo mdlali ocele ukudedelwa ngesikhathi lisavuliwe iwindi lokuhwebelana ngabadlali uvame ukweqiwa yijezi kule sizini. Bekulindeleke ukuthi awuqale lo mdlalo kulandela ukulimala kuka-Anthony Martial kodwa uTen Hag uqoke ukusebenzisa uMarcus Rashford phambili.

“UTenTen (esho uTen Hag) uwumqeqeshi omuhle angikungabazi lokho kodwa unamanga. Ngesikhathi eqala ukubeka u7 (Ronaldo) ebhentshini wathi yingoba akaziqeqeshanga neqembu ngepre-season, kodwa kwafika u-Antony, naye ongabanga yingxenye ye-pre-season nabo kodwa alimeqi ijezi selokhe asayina esuka kwi-Ajax,” kuchaza uMarawa.

“UTen Hag usebenzisa uRonaldo njengesibonelo sokuthi ngisho ngabe kuthiwa unswempu kanjani ngingakubeka ebhentshini…umkhuba omdala osetshenziswa abaqeqeshi…U-7 kumele alishiye iqembu avumele uTen Hahg ukuthi aqhubeke azenzele umathanda,” kusho yena.

IMan United iwunqobe ngo 2-0 lo mdlalo. Ngemuva komdlalo ebuzwa ngalesi sigameko uTen Hag uthe uzobhekana naso namuhla.