Umqeqeshi omusha we-Al Ittihad uRulani Mokwena uthi kunehaba kwindlela okubikwe indaba yokuboshwa kwakhe esikhumulweni sezindiza e-Algeria, wachaza kabanzi ukuthi bekwenzenjani.
UMokwena uboshwe esikhumulweni sezindiza iHouari Boumediene Airport ngempelasonto edlule ngemuva kokubanjwa no €16,000 (R307,000) efuna ukuphuma nawe ezweni ngaphandle kokwazisa abomthetho.
Engxoxweni noRobert Marawa uMokwena uchaze kabanzi ngokumqhathe nengalo yomthetho e-Algeria.
Echaza uthi wayephethe imali esnadleni ngoba wayetshelwe ukuthi e-airport kuthathwa u-cash kuphela uma efisa ukuthenga amanye amathikithi njengoba ayehlela ukuthengela ozakwabo ayehamba nabo ukuze bathole izihlalo ezisezingeni eliphezulu njengaye.
“Ngangishaywa unembeza ngokuthi yimina ngedwa ofakwe ku-business class…kwathiwa singakwazi ukushintsha amathikithi e-airport, kwathiwa kufanele siphathe imali esandleni. Sazama ke ukukhokha, kwathiwa cha kufanele sikwenze online, basichitha ngoba sekudlule isikhathi.
“Sasisayiphethe imali, sibane, futhi wayengekho esasingamnikeza imali [ukuthi ayifake ebhange]. Angazi ke ukuthi uyakwazi yini ukweba imali yomholo wakho, imali oyisebenzele kanzima.”
UMokwena ebuzwa ngokumenze wathatha umsebenzi eLibya uphendule wathi bathole ithuba lokusebenzela iqembu elikhulu kunaleli abebekulo ngokwezimalil, futhi limnikeze ithuba lokuthi aze nabasizi bakhe kanti e-Algeria kwadingeka ukuthi anciphise isibalo sabantu abamsizayo.