Umdlali wasesiswini kwiMamelodi Sundowns obukeka ezelwa kabusha kulo nyaka, uJayden Adams, uthi ubheke ukuzibekisela indawo esikwatini seBafana Bafana esizodlala kwi-2026 FIFA World Cup.

U-Adams ushaya into ecokeme endishini yeDowns selokhe kuqale unyaka omusha ngemuva kokubukeka ehlelwe yizinga ngonyaka odlule.

Muva nje lo mdlali udle ngembunculu ekhanda, athe uma ebuzwa ngayo wathi yingoba uzibona esiy-grootman.

“Ngisebenza ngokuzikhandla ngemuva kokusala esikwatini se-AFCON,” kusho yena.

“Ngakhetha ukuzinuka amakhwapha, ngaziphusha, ngazinikela ngokuphelele kwi-traininging. Umqeqeshi usenginikeze ithuba lokuqala imidlalo, ngithathe ngazo zombili.”

IBafana Bafana ingene kuGroup A kwi-2026 FIFA World Cup, iqhathwe neMexico, South Korea kanye nezwe elizongena nge-playoff  (Czechia, Ireland, Denmark, noma iNorth Macedonia).

U-Adams odlala kwiCAF Champions League kule sizini uthi kungasho lukhulu ukungena esikwatini sikaHugo Broos.

“Kungasho lukhulu kimina nasemndenini wami. Kungenza umndeni wami uziqhenye ngami ukungibona ngidlala kwiWorld Cup. Uma ngikhethwa, ngizokwenza konke okusemandleni ukushaya into ecokeme.”