Ngemuva kwesinqumo seCAF Appeal Board sokunikeza iMorocco indebe ye-AFCON 2025, amaphanta ayefake imali ethe lo mqhudelwano uzothathwa yi-Atlas Lion aseqalile ukubuza imibuzo ngeziteki zawo.

Izolo iCAF imemezele isinqumo sakujika umphumela womdlalo wamanqamu we-AFCON sekudlule izinyanga ezimbili indebe yanikezwa iSenegal nge-win ka 1-0 kwi-extra time.

Lesi sinqumo sithathwe kulandela isikhalo esafakwa yiMorocco ngokuphazamiseka komdlalo ngesikhathi abadlali beSenegal beduba umdlalo umzuzu ewu-17 benganeme ngesinqumo sikanompempe sokunikeza iMorocco ipenalty.

Njengoba sesiphumile isinqumo, sokuphakame imibuzo ngemali yamaphanta ayethe iMorocco izodla umhlanganiso.

Ngokocwaningo lweGibela Sport, kuzoya ngemithetho yeSportsbook ngoba ayifani imithetho yalezi zinkampani. Kunezinkampani ezithatha umphumela womdlalo bese zifaka ungqi, okwenzeka ngemuva komdlalo azihlangene nakho. Zikhona ezinye ezikubhekayo okwenzeka ngemuva komdlalo kodwa hhayi ngoba zizokhokha, zibuyisela emuva imali ebifakwe yiphanta libheja, umdlalo uthathwe njengento engekho.

Amaphanta awina ngokubhejela iSenegal ngeke aphoqwe ukuthi abuyise imali ayithola.