Umdlali weMamelodi Sundowns oshaye into ecokeme bexebula iSekhukhune ngo 4-2 uTeboho Mokoena usecele abalendi beKa bo Yellow basheshe bafike enkundleni iLucas Moripe Stadium emdlalweni wabo neKaizer Chiefs ngoMgqibelo.

Lo mdlalo ozoqala ngo 15:30 ulindelwe ngabomvu. Amathikithi adayise aphela kungadluli ngisho amahora amane eqalile ukudayisa.

UMokoena uqokwe njengomdlali ovelele izolo njengoba isisu besizwa ngaye.

“Bekuwumdlalo onzima namhlanje. Ngicabanga ukuthi bekufanele sibaqede ngokushesha ukuze sizokwazi ukuphumuza abadlali ngoba sibhekene nohlelo olunzima lwemidlalo. Wonke umuntu ubalulekile kuleli qembu,” kusho uMokoena ekhuluma nabeSuperSport TV ngemuva komdlalo.

“Sisebenza ngokubambisana. Ngicabanga ukuthi wonke umuntu udlale kahle. Ngiyabonga nakubalandeli abawukhiye kithina kusukela kumzuzu wokuqala kuze kuyophela umdlalo. Ngiyethemba ngizobabona besiphusha nangempelasonto.”

UMokoena uphinde wabonakala kwivideo efakwe yiSundowns ezinkundleni zokuxhumana enxusa abalandeli ukuthi bafike kusanesikhathi ngoba kuzobe kugcwele.