ISouth African Football Association (SAFA) isichaze kabanzi ngesinqumo sayo sokuqasha umqeqeshi osanda kuxoshwa kwiMarumo Gallants uMolefi Ntseki kwesokuqeqesha isikwati seBafana Bafana esizodlala eyokuhlungela iCHAN.
UNtseki umenyezelwe njengomqeqeshi ozothatha izintambo ngokubambisana nomqeqeshi ka-U20 uRaymond Mdaka.
“Ngemuva kokwaziswa yiqembu elikhulu ukuthi uHelman Mkhalele kumele agixile kumsebenzi wakhe njengoba kuza imidlalo yokuhlungela i2026 FIFA World Cup. Kunomdlalo neLesotho noweBenin emasontweni ambalwa. Savumelana ke ngokumkhulula.
“SiyiSAFA sivumelene ngokuqasha uMolefi Ntseki. Sithathe yena ngoba unamava, sithe akabambe izintambo okwamanje, uzolekelelwa wumqeqeshi we-SA U20.
“Umqeqeshu uNtseki simqashe ngoba ukhona kwi-system, sicele ukuthi asisize ngoba besidinga umuntu ongangena manje, ngoba wudaba oluphuthumayo.”
IBafana izobhekana ne-Egypt ngoMgqibelo kowokuqala wokuhlungela iCHAN.