Umqeqeshi weStellenbosch FC uSteve Barker uthi kuyamjabulisa ukubona u-Ashley Cupido ebukeka eseqala ukungena egiyeni eqenjini lakhe.
UCupido ujoyine iStellies esuka kwiCape Town Spurs edliwe yizembe ngesizini edlule. Lo mdlali usenamagoli amane emdlalweni ewu-16 kwiligi kule sizini ngemuva kokukora emdlalweni weStellies neMagesi FC ngoLwesibili abawunqobe ngo 2-1.
“Bekukuhle ukubona u-Ashley ekora futhi – bengithi ukore amabili kodwa ke ngathi kuthiwa elinye kube wumkhonto ogwaze ekhaya. Ubukhona bakhe kodwa obudale igoli,” kusho uBarker ngemuva komdlalo.
“Kuhle ukumbona ekora uma ukhumbula ukuthi silanyalelwe wuBradley Mojela oseyoze adlale ngesizini ezayo. Bekulungelula esaqala kodwa uwumdlali ovalela amagoli, besidinga ukumnikeza isikhathi ukuthi ajwayele. Siyakholelwa kuye futhi sizoqhubeka simnikeze ukuzethemba.”
UCupido ugile izimanga kwiNFD ngesizini ka-2022/2023 evalela amagoli awu-15 emdlalweni ewu-30. Uphazanyiswe wukulimala ngesizini edlule, kwathi uma isidliwe yizembe iSpurs, wajoyina iStellies ebidinga umgadli njenghoba idayisele iMamelodi Sundowns u-Iqraam Rayners.