Owayengunozinti we-Orlando Pirates uMoeneeb Josephs uthi akayizweli nakancane iKaizer Chiefs ngesomiso ebhekene naso ngoba ingozenzile.

UJosephs ubeke kanje kwipodcast yeSoccerBeat kuleli sonto lapho aveze khona ukuthi iChiefs inemali yonke ukuqhudelana neMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates kodwa abaphathi bayo babeka ezinye izinto phambili kunokwenzeka enkundleni.

IChiefs ifakwe induku yi-Orlando Pirates ngo 2-1 ngoMgqibelo eFNB Stadium. Basazophinde babhekane kowamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo eMoses Mabhida Stadium ngo 15:30 ntambama.

“IChiefs isabhekene nezinkinga ezifanayo nezinkinga eyayibhekene nazo ngesikhathi sisadlala. Namanje babebhekene nezinkinga ezizodwa,” kusho uJosephs.

“Sekuyinto esiphenduka injwayelo…njengomlandeli wePirates, kunzima ukubona iChiefs isendaweni ekuyo njengamanje.

“Ziningi izixazululo abangazizama ukulungisa izinkinga ababhekene nazo, kodwa njalo bakhetha izindlela ‘ezilula’. Kuyabonakala nje okudinga ukwenziwa yiChiefs [ukuze ibuyele ekubeni yiqembu elinqoba izinto]. Izinqumo ezinziwayo akuzona ezisiza iqembu enkundleni, kodwa zisiza iKaizer Chiefs njenge-brand.

“Angiyizweli nakancane iChiefs ngoba kufanele ngabe inabadlali nabaqeqeshi abahamba phambili ukudlula amanye amaqembu kuleli [ngokwemali enayo].”

UJosephs uqhube waveza ukuthi indlela iChiefs ebhekene nezinkinga ngayo yayeka ithuba elihle lokugxoba iPirates ngempelasonto edlule ngoba yawuqala kahle umdlalo.

“Inkinga bathi beqeda ukukora bavele behlisa udonga lwasemuva, bavala, okwavumela iBucs ukuthi ibuye emdlalweni. Babedlalela ukungadliwa kunokudlalela ukushaya iPirates.”