Umqeqeshi weLamontville Golden Arrows uManqoba Mngqithi uphinde wakhala ngokuba buthuntu kwabadlali bakhe ebhokisini ngemuva koswazi abaluthole kwi-Orlando Pirates ngoLwesibili.

IPirates ishaye i-Arrows ngo 2-1 eMoses Mabhida Stadium yanciphisa igebe elivulwe yiMamelodi Sundowns esicongweni, kodwa ibuye yakuqondisa lokho iDowns ngoLwesithathu ishaya iChippa United.

Ekhuluma ngemuva komdlalo wabo neBucs, uMngqithi ukhale ngamathuba abawayekile emdlalweni.

“Kube yishwa ngoba sidlale kahle esiwombeni sokuqala, besingashaya inqwaba yamagoli sibhekene neqembu elihle,” kusho uMngqithi engxoxweni nabeSuperSport TV ngemuva komdlalo.

“Ngeshwa uma ungawasebenzisi amathuba owatholayo ebholeni uyajeziswa.

“Esiwombeni sesibili womabili amaqembu abecelana. Sithole amathuba, nabo bawakha, kodwa bakwazile ukukhombisa ukuthi bahle kanjani phambi kwepali, kufanele sibancome.

“Bawasebenzise kahle amathuba abawatholile kodwa ngiyaziqhenya ngendlela abafana bami abadlale ngayo.”

I-Arrows nePirates bazophinde babhekane ngesonto elizayo ngoLwesibili e-Orlando Stadium.